Impekumpeku

Mayelana testwiki
Jump to navigation Jump to search
U-Émilie du Châtelet (1706-1749) ephethe ikhampasi elilodwa esandleni sakhe sokudla. Waba ngowokuqala ukushicilela ngobuhlobo bempekumpeku nomdiki

Kumchazandalo, impekumpeku yento iwuhlobo lwesidlakalasi leyonto enaso ngenxa yokuphekuzela noma umdiki wayo.

Kumchazandalo omdala, impekumpeku yento engampimpilizi enesisindo m ehamba ngejubane v ibalwa kanje 12mv2.[1]

Impekumpeku yento ilingana nomkhwishizo, isiphoqi esiphindwe nomkhwebuko, odingekayo ukufinyelela isivinini esibaluliwe. Ngenxa yokuzuza lesidlakalasi lapho ikhawuleza, isisindo sizoqhubeka nokugcina impekumpeku ngaphandle uma ijubane laso liguquka. Inani elifanayo lomkhwishizo lwenziwa yinto lapho iphungula ijubane layo kufika ekugculeni kwayo.[1]

Isimiso sokulinganisa impekumpeku sibizwa ngokuthi umjulu (joule).

Kumchachiso wobucakathi obukhethekile, isibalo 12mv2 siyicishelo elihle lempekumpeku kuphela lapho isivinini v singaphansi kwejubane lokukhanya.

Amaphatho

  1. 1.0 1.1 Resnick, Robert and Halliday, David (1960) Physics, Section 7-5, Wiley International Edition